18. Babelana izingubo zami,benzelana inkatho ngesambatho sami.
19. Kepha wena Jehova mawungabi kude,wena mandla ami, shesha ungisize.
20. Sindisa umphefumulo wami enkembeni,ukuphila kwami emandleni ezinja.
21. Ngisindise emlonyeni wengonyama;nasezimpondweni zezinyathi uyangizwa.
22. Ngiyakushumayeza abafowethu igama lakho,ngikudumise phakathi kwebandla.
23. Nina enesaba uJehova, mbongeni;nina nonke nzalo kaJakobe, mdumiseni,nimesabe nina nonke nzalo ka-Israyeli.
24. Ngokuba akadelelanga,akanengwanga yinhlupheko yohluphekayo;akamfihlelanga ubuso bakhe,kepha nalapha ekhala kuye, wezwa.
25. Kuyakuvela kuwe ukudumisa kwami ebandleni elikhulu;izithembiso zami ngiyakuzigcwalisaphambi kwabamesabayo.
26. Abamnene bayakudla, basuthe;abafuna uJehova bayakumdumisa;inhliziyo yenu mayiphile kuze kube phakade.