Amahubo 22:17-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Ngingabala onke amathambo ami;bayabukela, bangibuke bengiklibhizela.

18. Babelana izingubo zami,benzelana inkatho ngesambatho sami.

19. Kepha wena Jehova mawungabi kude,wena mandla ami, shesha ungisize.

20. Sindisa umphefumulo wami enkembeni,ukuphila kwami emandleni ezinja.

21. Ngisindise emlonyeni wengonyama;nasezimpondweni zezinyathi uyangizwa.

22. Ngiyakushumayeza abafowethu igama lakho,ngikudumise phakathi kwebandla.

Amahubo 22