10. Ngaphonswa phezu kwakho kwasesizalweni;unguNkulunkulu wami kwasesizalweni sikamame.
11. Ungabi kude nami,ngokuba inhlupheko iseduze,nosizayo akakho.
12. Izinkunzi eziningi zingibunganyele,ezinamandla zaseBashani zingizungezile.
13. Zingikhamisele umlomo wazonjengengonyama edwengulayo nebhodlayo.
14. Ngichithiwe njengamanzi;onke amathambo ami enyele;inhliziyo yami injengengcina,incibilikile phakathi kwezibilini zami.
15. Amandla ami omile njengodengezi;ulimi lwami lunamathela olwangeni lwami;ungibeka othulini lokufa.
16. Ngokuba izinja ziyangibungayela;umbonda wababi ungizungezile;izandla zami nezinyawo zami bazibhobozile.