8. Kwenyuka umusi emakhaleni akhe,nomlilo odlayo emlonyeni wakhe;amalahle avutha kuye.
9. Wathobisa izulu, wehla;ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.
10. Wakhwela phezu kwekherubi,* wandiza;washweza ngamaphiko omoya.
11. Ubumnyama wabenza isisibekelo,idokodo lakhe elimphahlayo;amanzi amnyama, amafu anzima.
12. Ekukhazimuleni okuphambi kwakheamafu akhe abanga phambili,isichotho namalahle avuthayo.