Amahubo 18:6-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova,ngakhala kuNkulunkulu wami;walizwa izwi lami esethempelini lakhe;ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe.

7. Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela;izisekelo zezintaba zathuthumela,zagubhuzela ngokuba ethukuthele.

8. Kwenyuka umusi emakhaleni akhe,nomlilo odlayo emlonyeni wakhe;amalahle avutha kuye.

9. Wathobisa izulu, wehla;ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.

10. Wakhwela phezu kwekherubi,* wandiza;washweza ngamaphiko omoya.

11. Ubumnyama wabenza isisibekelo,idokodo lakhe elimphahlayo;amanzi amnyama, amafu anzima.

12. Ekukhazimuleni okuphambi kwakheamafu akhe abanga phambili,isichotho namalahle avuthayo.

13. UJehova waduma ezulwini;oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe:isichotho namalahle avuthayo.

14. Wathuma imicibisholo yakhe, wabangquzula,nemibani eminingi, wabadidizelisa.

15. Kwase kubonakala imisinga yamanzi;izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sakho, Jehova,ngokufutha komoya wamakhala akho.

16. Waselula isandla sakhe ephezulu, wangibamba;wangikhipha emanzini amaningi.

17. Wangophula esitheni sami esinamandlanakubo abangizondayo,ngokuba base bengahlulile.

18. Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami,kepha uJehova waba yinsika yami.

19. Wangiphumisela endaweni ebanzi;wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.

20. UJehova wangivuza ngokokulunga kwami;wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.

21. Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova,angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.

Amahubo 18