4. Izintambo zokufa zangizungelezela,izikhukhula zokona zangethusa.
5. Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza,izihibe zokufa zangehlela.
6. Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova,ngakhala kuNkulunkulu wami;walizwa izwi lami esethempelini lakhe;ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe.
7. Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela;izisekelo zezintaba zathuthumela,zagubhuzela ngokuba ethukuthele.
8. Kwenyuka umusi emakhaleni akhe,nomlilo odlayo emlonyeni wakhe;amalahle avutha kuye.
9. Wathobisa izulu, wehla;ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.
10. Wakhwela phezu kwekherubi,* wandiza;washweza ngamaphiko omoya.
11. Ubumnyama wabenza isisibekelo,idokodo lakhe elimphahlayo;amanzi amnyama, amafu anzima.