37. Ngazixosha izitha zami, ngazifica;angibuyanga ngingakaziqedi.
38. Ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka;zawa phansi kwezinyawo zami.
39. Wangibhincisa amandla okulwa;ababengivukele wabathobisa phansi kwami.
40. Wangifulathelisela izitha zami,nabangizondayo ngabaqothula.
41. Bakhala, kepha akubangakho osindisayo,nakuJehova, kodwa akaze aphendula.
42. Ngabacolisisa njengothuli emoyeni;ngabalahla njengensila ezitaladini.
43. Wangikhulula ezimpini zabantu;wangimisa ngaba yinhloko yabezizwe;abantu engingabaziyo bangikhonza.
44. Banele ukungizwa nje ngendlebe,base bengilalela;abafo bazithoba phansi kwami.
45. Abafo babuna,baphuma ezinqabeni zabo bethuthumele.
46. UJehova usekhona,malidunyiswe iDwala lami;makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami,
47. uNkulunkulu onginikile impindiselo,wathobisa izizwe phansi kwami;
48. ongikhululile ezitheni zami,yebo, ongiphakamisile phezu kwabangivukelayo,wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.
49. Ngalokho-ke ngizakukubonga phakathi kwabezizwe, Jehova,ngilihubele igama lakho.
50. Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe;uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavidenasenzalweni yakhe kuze kube phakade.