33. owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi,angimise emagqumeni ami;
34. ofundisa izandla zami ukulwa,ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.
35. Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho,isandla sakho sokunene singisekele,nobumnene bakho bungikhulisile.
36. Amabanga okunyathela kwami uwandisile;amaqakala ami awaxegi.
37. Ngazixosha izitha zami, ngazifica;angibuyanga ngingakaziqedi.
38. Ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka;zawa phansi kwezinyawo zami.
39. Wangibhincisa amandla okulwa;ababengivukele wabathobisa phansi kwami.
40. Wangifulathelisela izitha zami,nabangizondayo ngabaqothula.
41. Bakhala, kepha akubangakho osindisayo,nakuJehova, kodwa akaze aphendula.
42. Ngabacolisisa njengothuli emoyeni;ngabalahla njengensila ezitaladini.
43. Wangikhulula ezimpini zabantu;wangimisa ngaba yinhloko yabezizwe;abantu engingabaziyo bangikhonza.
44. Banele ukungizwa nje ngendlebe,base bengilalela;abafo bazithoba phansi kwami.