Amahubo 18:32-41 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

32. uNkulunkulu ongibhincisa amandla,owenza indlela yami ilunge;

33. owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi,angimise emagqumeni ami;

34. ofundisa izandla zami ukulwa,ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.

35. Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho,isandla sakho sokunene singisekele,nobumnene bakho bungikhulisile.

36. Amabanga okunyathela kwami uwandisile;amaqakala ami awaxegi.

37. Ngazixosha izitha zami, ngazifica;angibuyanga ngingakaziqedi.

38. Ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka;zawa phansi kwezinyawo zami.

39. Wangibhincisa amandla okulwa;ababengivukele wabathobisa phansi kwami.

40. Wangifulathelisela izitha zami,nabangizondayo ngabaqothula.

41. Bakhala, kepha akubangakho osindisayo,nakuJehova, kodwa akaze aphendula.

Amahubo 18