24. UJehova wayesebuyisela kimi njengokulunga kwami,njengokuhlanzeka kwezandla zami phambi kwamehlo akhe.
25. Kothembekileyo uyazibonakalisa uthembekile;kumuntu oqotho uzibonakalisa uqotho;
26. kohlanzekileyo uyazibonakalisa uhlanzekile;koyisigwegwe uyazibonakalisa unenkani.
27. Ngokuba wena uyabasindisa abantu abathobekileyo,kepha amehlo abaqhoshileyo uyawathobisa.
28. Ngokuba wena uyokhela isibani sami;uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami.
29. Ngokuba ngawe ngingahlasela impi;ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.
30. Indlela kaNkulunkulu iphelele;izwi likaJehova lihlanzekile;yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.
31. Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova,ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?
32. uNkulunkulu ongibhincisa amandla,owenza indlela yami ilunge;
33. owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi,angimise emagqumeni ami;
34. ofundisa izandla zami ukulwa,ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.
35. Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho,isandla sakho sokunene singisekele,nobumnene bakho bungikhulisile.
36. Amabanga okunyathela kwami uwandisile;amaqakala ami awaxegi.
37. Ngazixosha izitha zami, ngazifica;angibuyanga ngingakaziqedi.
38. Ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka;zawa phansi kwezinyawo zami.
39. Wangibhincisa amandla okulwa;ababengivukele wabathobisa phansi kwami.
40. Wangifulathelisela izitha zami,nabangizondayo ngabaqothula.