Amahubo 18:21-40 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova,angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.

22. Ngokuba yonke imithetho yakhe yayiphambi kwami,nezimiso zakhe angivumanga ukuba zisuke kimi.

23. Ngangiphelele kuye;ngabuxwaya ububi.

24. UJehova wayesebuyisela kimi njengokulunga kwami,njengokuhlanzeka kwezandla zami phambi kwamehlo akhe.

25. Kothembekileyo uyazibonakalisa uthembekile;kumuntu oqotho uzibonakalisa uqotho;

26. kohlanzekileyo uyazibonakalisa uhlanzekile;koyisigwegwe uyazibonakalisa unenkani.

27. Ngokuba wena uyabasindisa abantu abathobekileyo,kepha amehlo abaqhoshileyo uyawathobisa.

28. Ngokuba wena uyokhela isibani sami;uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami.

29. Ngokuba ngawe ngingahlasela impi;ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.

30. Indlela kaNkulunkulu iphelele;izwi likaJehova lihlanzekile;yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

31. Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova,ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?

32. uNkulunkulu ongibhincisa amandla,owenza indlela yami ilunge;

33. owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi,angimise emagqumeni ami;

34. ofundisa izandla zami ukulwa,ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.

35. Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho,isandla sakho sokunene singisekele,nobumnene bakho bungikhulisile.

36. Amabanga okunyathela kwami uwandisile;amaqakala ami awaxegi.

37. Ngazixosha izitha zami, ngazifica;angibuyanga ngingakaziqedi.

38. Ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka;zawa phansi kwezinyawo zami.

39. Wangibhincisa amandla okulwa;ababengivukele wabathobisa phansi kwami.

40. Wangifulathelisela izitha zami,nabangizondayo ngabaqothula.

Amahubo 18