Amahubo 18:18-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami,kepha uJehova waba yinsika yami.

19. Wangiphumisela endaweni ebanzi;wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.

20. UJehova wangivuza ngokokulunga kwami;wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.

21. Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova,angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.

22. Ngokuba yonke imithetho yakhe yayiphambi kwami,nezimiso zakhe angivumanga ukuba zisuke kimi.

23. Ngangiphelele kuye;ngabuxwaya ububi.

24. UJehova wayesebuyisela kimi njengokulunga kwami,njengokuhlanzeka kwezandla zami phambi kwamehlo akhe.

25. Kothembekileyo uyazibonakalisa uthembekile;kumuntu oqotho uzibonakalisa uqotho;

26. kohlanzekileyo uyazibonakalisa uhlanzekile;koyisigwegwe uyazibonakalisa unenkani.

27. Ngokuba wena uyabasindisa abantu abathobekileyo,kepha amehlo abaqhoshileyo uyawathobisa.

28. Ngokuba wena uyokhela isibani sami;uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami.

29. Ngokuba ngawe ngingahlasela impi;ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.

30. Indlela kaNkulunkulu iphelele;izwi likaJehova lihlanzekile;yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

31. Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova,ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?

32. uNkulunkulu ongibhincisa amandla,owenza indlela yami ilunge;

33. owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi,angimise emagqumeni ami;

34. ofundisa izandla zami ukulwa,ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.

Amahubo 18