17. Wangophula esitheni sami esinamandlanakubo abangizondayo,ngokuba base bengahlulile.
18. Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami,kepha uJehova waba yinsika yami.
19. Wangiphumisela endaweni ebanzi;wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.
20. UJehova wangivuza ngokokulunga kwami;wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.
21. Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova,angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.
22. Ngokuba yonke imithetho yakhe yayiphambi kwami,nezimiso zakhe angivumanga ukuba zisuke kimi.
23. Ngangiphelele kuye;ngabuxwaya ububi.
24. UJehova wayesebuyisela kimi njengokulunga kwami,njengokuhlanzeka kwezandla zami phambi kwamehlo akhe.
25. Kothembekileyo uyazibonakalisa uthembekile;kumuntu oqotho uzibonakalisa uqotho;
26. kohlanzekileyo uyazibonakalisa uhlanzekile;koyisigwegwe uyazibonakalisa unenkani.
27. Ngokuba wena uyabasindisa abantu abathobekileyo,kepha amehlo abaqhoshileyo uyawathobisa.