12. Ekukhazimuleni okuphambi kwakheamafu akhe abanga phambili,isichotho namalahle avuthayo.
13. UJehova waduma ezulwini;oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe:isichotho namalahle avuthayo.
14. Wathuma imicibisholo yakhe, wabangquzula,nemibani eminingi, wabadidizelisa.
15. Kwase kubonakala imisinga yamanzi;izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sakho, Jehova,ngokufutha komoya wamakhala akho.
16. Waselula isandla sakhe ephezulu, wangibamba;wangikhipha emanzini amaningi.
17. Wangophula esitheni sami esinamandlanakubo abangizondayo,ngokuba base bengahlulile.