1. Ngiyakuthanda, Jehova,mandla ami.
2. Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami;uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo,nesihlangu sami,nophondo lokusindiswa kwami,inqaba yami ephakemeyo.
3. Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo,ngisindiswe ezitheni zami.
4. Izintambo zokufa zangizungelezela,izikhukhula zokona zangethusa.
5. Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza,izihibe zokufa zangehlela.
6. Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova,ngakhala kuNkulunkulu wami;walizwa izwi lami esethempelini lakhe;ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe.
7. Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela;izisekelo zezintaba zathuthumela,zagubhuzela ngokuba ethukuthele.
8. Kwenyuka umusi emakhaleni akhe,nomlilo odlayo emlonyeni wakhe;amalahle avutha kuye.