1. Ngiyakuthanda, Jehova,mandla ami.
2. Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami;uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo,nesihlangu sami,nophondo lokusindiswa kwami,inqaba yami ephakemeyo.
3. Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo,ngisindiswe ezitheni zami.
4. Izintambo zokufa zangizungelezela,izikhukhula zokona zangethusa.
5. Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza,izihibe zokufa zangehlela.