8. Ngimbeke uJehova njalo phambi kwami,ngokuba ungakwesokunene sami,angiyikuzanyazanyiswa.
9. Ngakho-ke inhliziyo yami iyajabula,nomphefumulo wami uyethaba,nenyama yami iyakuhlala ngokwethemba.
10. Ngokuba awuyikunikela umphefumulo wami endaweni yabafileyo;awuyikuvuma ukuba ongcwele wakho abone ukubola.
11. Uyakungazisa indlela yokuphila;ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho;intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.