11. nani makhosi omhlaba nabantu bonke,nani zikhulu nabahluleli bonke bomhlaba,
12. nani zinsizwa nezintombi,nani maxhegu nabafana.
13. Mabadumise igama likaJehova,ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme;inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.
14. Usephakamisile uphondo lwabantu bakhe;ngalokho bayamdumisa abangcwele bakhe,abantwana bakwa-Israyeli,abantu abaseduze naye.Haleluya!