5. Ngiyakuzindla ngenkazimulo nodumo lobukhosi bakhonangezimangaliso zakho.
6. Abantu bayakukhuluma ngamandla ezenzo zakho ezesabekayo;ubukhulu bakho ngiyakubumemezela.
7. Bayakweneka kakhulu inkumbulo yobuhle bakho obukhulu,bahube ngokulunga kwakho.
8. UJehova unesihe nobumnene;uyephuza ukuthukuthela,mkhulu ngomusa.
9. UJehova muhle kubo bonke;uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.
10. Yonke imisebenzi yakho iyakukudumisa,abangcwele bakho bakubonge.
11. Ngenkazimulo yombuso wakho bayakukhuluma,bashumayele ngamandla akho
12. ukuba babazise abantwana babantu izenzo zakho zamandlanenkazimulo yobukhosi bombuso wakho.
13. Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade;ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.
14. UJehova uyaphasa bonke abawayo,abavuse bonke abathotshisiweyo.
15. Amehlo abo bonke alinda wena;uyabanika ukudla ngesikhathi esiyiso.
16. Uyavula isandla sakho,usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.
17. UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke,unomusa emisebenzini yakhe yonke.
18. UJehova useduze nabo bonke abambizayo,bonke abambizayo ngeqiniso.
19. Uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo;uyezwa ukukhala kwabo, abasindise.
20. UJehova uyalondoloza bonke abamthandayo,kepha ababi bonke uyakubabhubhisa.