19. Uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo;uyezwa ukukhala kwabo, abasindise.
20. UJehova uyalondoloza bonke abamthandayo,kepha ababi bonke uyakubabhubhisa.
21. Umlomo wami uyakukhuluma udumo lukaJehova,inyama yonke ibonge igama lakhe elingcwele kuze kube phakade.