Amahubo 145:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngiyakukuphakamisa wena Nkulunkulu wami, Nkosi,ngilituse igama lakho phakade naphakade.

2. Imihla yonke ngiyakukubonga,ngilidumise igama lakho phakade naphakade.

3. Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu;ubukhulu bakhe abuphenyisiseki.

4. Isizukulwane siyakubabaza kwesinye imisebenzi yakho,simemezele izenzo zakho zamandla.

5. Ngiyakuzindla ngenkazimulo nodumo lobukhosi bakhonangezimangaliso zakho.

6. Abantu bayakukhuluma ngamandla ezenzo zakho ezesabekayo;ubukhulu bakho ngiyakubumemezela.

Amahubo 145