1. Ngiyakukuphakamisa wena Nkulunkulu wami, Nkosi,ngilituse igama lakho phakade naphakade.
2. Imihla yonke ngiyakukubonga,ngilidumise igama lakho phakade naphakade.
3. Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu;ubukhulu bakhe abuphenyisiseki.
4. Isizukulwane siyakubabaza kwesinye imisebenzi yakho,simemezele izenzo zakho zamandla.
5. Ngiyakuzindla ngenkazimulo nodumo lobukhosi bakhonangezimangaliso zakho.
6. Abantu bayakukhuluma ngamandla ezenzo zakho ezesabekayo;ubukhulu bakho ngiyakubumemezela.
7. Bayakweneka kakhulu inkumbulo yobuhle bakho obukhulu,bahube ngokulunga kwakho.
8. UJehova unesihe nobumnene;uyephuza ukuthukuthela,mkhulu ngomusa.
9. UJehova muhle kubo bonke;uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.
10. Yonke imisebenzi yakho iyakukudumisa,abangcwele bakho bakubonge.
11. Ngenkazimulo yombuso wakho bayakukhuluma,bashumayele ngamandla akho
12. ukuba babazise abantwana babantu izenzo zakho zamandlanenkazimulo yobukhosi bombuso wakho.