Amahubo 144:6-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Imibani mayinyazime, ubahlakaze;thuma imicibisholo yakho, ubaphithizise.

7. Yelula isandla sakho phezulu,ungikhulule, ungophule emanzini amakhulunasesandleni sabafokazi

8. abamlomo wabo ukhuluma inkohliso,nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.

9. Ngiyakuhlabelela kuwe Nkulunkulu isihlabelelo esisha;ngogubhu olunezintambo eziyishumi ngiyakukuhubela.

10. Nguye onika amakhosi insindiso,okhulula inceku yakhe uDavide enkembeni elimazayo.

11. Ngikhulule, ungophule esandleni sabafokaziabamlomo wabo ukhuluma inkohliso,nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.

12. Lapho amadodana ethu enjengezithombo ezikhulileyo ebusheni bazo,namadodakazi ethu enjengamatshe amagumbi abaziwe ngendlela yokwakhiwa kwezindlu zamakhosi;

13. lapho izingobo zethu zigcwele,ziveza izinhlobo ngezinhlobo,nezimvu zethu zizala ngezinkulungwane,yebo, ngezinkulungwane eziyishumi emadlelweni ethu;

14. lapho izinkabi zethu zithweswe kakhulu,nalapho kungekho ukufohla kwesitha nokungena empini nezikhalo ezitaladini zethu,

15. babusisiwe abantu abanjalo;babusisiwe abantu abaNkulunkuluwabo unguJehova.

Amahubo 144