Amahubo 144:12-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Lapho amadodana ethu enjengezithombo ezikhulileyo ebusheni bazo,namadodakazi ethu enjengamatshe amagumbi abaziwe ngendlela yokwakhiwa kwezindlu zamakhosi;

13. lapho izingobo zethu zigcwele,ziveza izinhlobo ngezinhlobo,nezimvu zethu zizala ngezinkulungwane,yebo, ngezinkulungwane eziyishumi emadlelweni ethu;

14. lapho izinkabi zethu zithweswe kakhulu,nalapho kungekho ukufohla kwesitha nokungena empini nezikhalo ezitaladini zethu,

15. babusisiwe abantu abanjalo;babusisiwe abantu abaNkulunkuluwabo unguJehova.

Amahubo 144