11. Ngikhulule, ungophule esandleni sabafokaziabamlomo wabo ukhuluma inkohliso,nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.
12. Lapho amadodana ethu enjengezithombo ezikhulileyo ebusheni bazo,namadodakazi ethu enjengamatshe amagumbi abaziwe ngendlela yokwakhiwa kwezindlu zamakhosi;
13. lapho izingobo zethu zigcwele,ziveza izinhlobo ngezinhlobo,nezimvu zethu zizala ngezinkulungwane,yebo, ngezinkulungwane eziyishumi emadlelweni ethu;
14. lapho izinkabi zethu zithweswe kakhulu,nalapho kungekho ukufohla kwesitha nokungena empini nezikhalo ezitaladini zethu,
15. babusisiwe abantu abanjalo;babusisiwe abantu abaNkulunkuluwabo unguJehova.