Amahubo 144:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Makabongwe uJehova, idwala lami,ofundisa izandla zami ukuhlaselaneminwe yami ukulwa,

2. umusa wami nenqaba yami,umbhoshongo wami ophakemeyo nomkhululi wami,isihlangu sami, nengiphephela kuye,nothobisa abantu bami phansi kwami.

3. Jehova, uyini umuntu ukuba umazi,nendodana yomuntu ukuba uyikhumbule, na?

4. Umuntu ufana nomoya;izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo.

5. Thobisa amazulu akho, Jehova, wehle;thinta izintaba, zithunqe.

Amahubo 144