1. Jehova, ngiyakhala kuwe, ngiphuthume;lalela izwi lami, nxa ngikhuleka kuwe.
2. Umkhuleko wami mawube njengempepho ebusweni bakho,nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomnikelo wakusihlwa.
3. Jehova, bekela umlomo wami umlindi,ugcine umnyango wezindebe zami.
4. Ungaphenduleli inhliziyo yami entweni embiukuba ngenze imisebenzi yobubikanye nabantu abenza okubi,ngingadli izibilebile zabo.
5. Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi;angisole, kungamafutha ekhanda;ikhanda lami malingawenqabi,ngokuba nasebubini babo umkhulekowami uyobe usekhona.