Amahubo 139:16-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Amehlo akho angibona ngiseyihlule;zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho,zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo.

17. Imicabango yakho, Nkulunkulu, ingamagugu kimi;bukhulu kangaka ubuningi bayo.

18. Uma bengiyakuyibala,miningi kunesihlabathi;lapho ngivuka, bengiyakuba nawe.

19. Sengathi ungabulala ababi, Nkulunkulu;ngalokho sukani kimi nina bantu begazi.

Amahubo 139