Amahubo 139:13-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Ngokuba wena uzenzile izinso zami,wangaluka esiswini sikamame.

14. Ngiyakukubonga,ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo;imisebenzi yakho iyamangalisa;umphefumulo wami uyakwazi kahle.

15. Amathambo ami ayengafihlekile kuwe,lapho ngenziwa ekusithekeni,ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba.

16. Amehlo akho angibona ngiseyihlule;zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho,zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo.

17. Imicabango yakho, Nkulunkulu, ingamagugu kimi;bukhulu kangaka ubuningi bayo.

18. Uma bengiyakuyibala,miningi kunesihlabathi;lapho ngivuka, bengiyakuba nawe.

19. Sengathi ungabulala ababi, Nkulunkulu;ngalokho sukani kimi nina bantu begazi.

20. Bakhuluma ngamacebo ngawe,baliphatha ngeze igama lakho.

21. Jehova, angibazondi abakuzondayo na?Anginengwa ngabakuvukelayo na?

22. Ngiyabazonda ngenzondo epheleleyo;bayizitha kimi.

23. Ngihole, Nkulunkulu,wazi inhliziyo yami;ngilinge, wazi imicabango yami,

Amahubo 139