11. Uma bengithi: “Ubumnyama mabungehlele,ukukhanya kube ngubusuku kimi,”
12. ubumnyama bebungayikuba mnyama kuwe,ngokuba ubusuku bebuyakukhanya njengemini,ubumnyama bufane nokukhanya.
13. Ngokuba wena uzenzile izinso zami,wangaluka esiswini sikamame.
14. Ngiyakukubonga,ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo;imisebenzi yakho iyamangalisa;umphefumulo wami uyakwazi kahle.
15. Amathambo ami ayengafihlekile kuwe,lapho ngenziwa ekusithekeni,ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba.
16. Amehlo akho angibona ngiseyihlule;zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho,zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo.
17. Imicabango yakho, Nkulunkulu, ingamagugu kimi;bukhulu kangaka ubuningi bayo.
18. Uma bengiyakuyibala,miningi kunesihlabathi;lapho ngivuka, bengiyakuba nawe.
19. Sengathi ungabulala ababi, Nkulunkulu;ngalokho sukani kimi nina bantu begazi.
20. Bakhuluma ngamacebo ngawe,baliphatha ngeze igama lakho.
21. Jehova, angibazondi abakuzondayo na?Anginengwa ngabakuvukelayo na?