11. Uma bengithi: “Ubumnyama mabungehlele,ukukhanya kube ngubusuku kimi,”
12. ubumnyama bebungayikuba mnyama kuwe,ngokuba ubusuku bebuyakukhanya njengemini,ubumnyama bufane nokukhanya.
13. Ngokuba wena uzenzile izinso zami,wangaluka esiswini sikamame.
14. Ngiyakukubonga,ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo;imisebenzi yakho iyamangalisa;umphefumulo wami uyakwazi kahle.
15. Amathambo ami ayengafihlekile kuwe,lapho ngenziwa ekusithekeni,ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba.