1. Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi.
2. Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami,uqonda umcabango wami ukude.
3. Uyaphenya ukuhamba kwami nokulala kwami,wazana nezindlela zonke zami.
4. Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova,ongalaziyo ngokupheleleyo.
5. Ungizungezile ngasemuva nangaphambili,wabeka isandla sakho phezu kwami.
6. Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa;kuphakeme, anginakufinyelela kukho.