Amahubo 136:21-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. owanika izwe labo laba yifa,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

22. laba yifa lika-Israyeli inceku yakhe,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

23. owasikhumbula sisephansi,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

24. owasikhulula ezitheni zethu,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

25. onika inyama yonke ukudla,ngokuba umusa wakhe umi phakade.

26. Bongani uNkulunkulu wezulu,ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Amahubo 136