Amahubo 136:16-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. owahola abantu bakhe ehlane,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

17. owashaya amakhosi amakhulu,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

18. owabulala amakhosi adumileyo,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

19. uSihoni inkosi yama-Amori,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

20. no-Ogi inkosi yaseBashani,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

21. owanika izwe labo laba yifa,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

22. laba yifa lika-Israyeli inceku yakhe,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

Amahubo 136