1. Bongani uJehova, ngokuba muhle,ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2. Bongani uNkulunkulu wawonkulunkulu,ngokuba umusa wakhe umi phakade.
3. Bongani iNkosi yamakhosi,ngokuba umusa wayo umi phakade;
4. yona engoyedwa owenza izimangaliso ezinkulu,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
5. owenzile izulu ngokuhlakanipha,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
6. owendlala umhlaba phezu kwamanzi,ngokuba umusa wakhe umi phakade;