Amahubo 136:1-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Bongani uJehova, ngokuba muhle,ngokuba umusa wakhe umi phakade.

2. Bongani uNkulunkulu wawonkulunkulu,ngokuba umusa wakhe umi phakade.

3. Bongani iNkosi yamakhosi,ngokuba umusa wayo umi phakade;

4. yona engoyedwa owenza izimangaliso ezinkulu,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

5. owenzile izulu ngokuhlakanipha,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

6. owendlala umhlaba phezu kwamanzi,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

7. owenza izinkanyiso ezinkulu,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

8. ilanga ukuba libuse emini,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

9. inyanga nezinkanyezi ukuba zibuse ebusuku,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

10. owalishaya iGibithe, amazibulo alo,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

11. owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

12. ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

13. owahlukanisa kabili uLwandle Olubomvu,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

14. owawelisa u-Israyeli phakathi kwalo,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

15. owachitha uFaro nempi yakhe eLwandle Olubomvu,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

16. owahola abantu bakhe ehlane,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

17. owashaya amakhosi amakhulu,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

Amahubo 136