1. Bongani uJehova, ngokuba muhle,ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2. Bongani uNkulunkulu wawonkulunkulu,ngokuba umusa wakhe umi phakade.
3. Bongani iNkosi yamakhosi,ngokuba umusa wayo umi phakade;
4. yona engoyedwa owenza izimangaliso ezinkulu,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
5. owenzile izulu ngokuhlakanipha,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
6. owendlala umhlaba phezu kwamanzi,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
7. owenza izinkanyiso ezinkulu,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
8. ilanga ukuba libuse emini,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
9. inyanga nezinkanyezi ukuba zibuse ebusuku,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
10. owalishaya iGibithe, amazibulo alo,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
11. owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
12. ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
13. owahlukanisa kabili uLwandle Olubomvu,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
14. owawelisa u-Israyeli phakathi kwalo,ngokuba umusa wakhe umi phakade;
15. owachitha uFaro nempi yakhe eLwandle Olubomvu,ngokuba umusa wakhe umi phakade;