7. Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba,wenza imibani kube yimvula;ukhipha umoya ezingotsheni zakhe.
8. Washaya amazibulo aseGibithe,awabantu kanye nawezilwane.
9. Wathuma izibonakaliso nezimangalisophakathi kwakho, Gibithe,phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.
10. Washaya izizwe ezinkulu,wabulala amakhosi anamandla:
11. uSihoni inkosi yama-Amori,no-Ogi inkosi yaseBashani,nemibuso yonke yaseKhanani.
12. Wanika izwe labo laba yifa,laba yifa lika-Israyeli, isizwe sakhe.
13. Jehova, igama lakho limi phakade;isikhumbuzo sakho, Jehova, sisezizukulwaneni ngezizukulwane.
14. Ngokuba uJehova uyakwahlulela abantu bakhe,ahawukele izinceku zakhe.
15. Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide,umsebenzi wezandla zomuntu.
16. Umlomo zinawo, kepha azikhulumi;amehlo zinawo, kodwa aziboni.