Amahubo 135:7-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba,wenza imibani kube yimvula;ukhipha umoya ezingotsheni zakhe.

8. Washaya amazibulo aseGibithe,awabantu kanye nawezilwane.

9. Wathuma izibonakaliso nezimangalisophakathi kwakho, Gibithe,phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.

10. Washaya izizwe ezinkulu,wabulala amakhosi anamandla:

11. uSihoni inkosi yama-Amori,no-Ogi inkosi yaseBashani,nemibuso yonke yaseKhanani.

12. Wanika izwe labo laba yifa,laba yifa lika-Israyeli, isizwe sakhe.

13. Jehova, igama lakho limi phakade;isikhumbuzo sakho, Jehova, sisezizukulwaneni ngezizukulwane.

14. Ngokuba uJehova uyakwahlulela abantu bakhe,ahawukele izinceku zakhe.

15. Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide,umsebenzi wezandla zomuntu.

16. Umlomo zinawo, kepha azikhulumi;amehlo zinawo, kodwa aziboni.

Amahubo 135