Amahubo 135:5-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Impela ngiyazi ukuthi uJehova mkhulunokuthi iNkosi yethu iphezu kwabo bonke onkulunkulu.

6. Konke uJehova akuthandayo uyakwenzaezulwini nasemhlabeni,emanzini nasezinzulwini zonke.

7. Ukhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba,wenza imibani kube yimvula;ukhipha umoya ezingotsheni zakhe.

8. Washaya amazibulo aseGibithe,awabantu kanye nawezilwane.

9. Wathuma izibonakaliso nezimangalisophakathi kwakho, Gibithe,phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.

10. Washaya izizwe ezinkulu,wabulala amakhosi anamandla:

Amahubo 135