Amahubo 135:16-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Umlomo zinawo, kepha azikhulumi;amehlo zinawo, kodwa aziboni.

17. Izindlebe zinazo, kepha azizwa,nomoya awukho emlonyeni wazo.

18. Abazenzayo bayafana nazo,bonke abazethembayo.

19. Wena ndlu ka-Israyeli,mbonge uJehova;wena ndlu ka-Aroni,mbonge uJehova.

20. Wena ndlu kaLevi, mbonge uJehova;nina enimesabayo uJehova,mbongeni uJehova.

21. UJehova makabongwe eSiyoni,yena owakhe eJerusalema.Haleluya!

Amahubo 135