16. Umlomo zinawo, kepha azikhulumi;amehlo zinawo, kodwa aziboni.
17. Izindlebe zinazo, kepha azizwa,nomoya awukho emlonyeni wazo.
18. Abazenzayo bayafana nazo,bonke abazethembayo.
19. Wena ndlu ka-Israyeli,mbonge uJehova;wena ndlu ka-Aroni,mbonge uJehova.
20. Wena ndlu kaLevi, mbonge uJehova;nina enimesabayo uJehova,mbongeni uJehova.
21. UJehova makabongwe eSiyoni,yena owakhe eJerusalema.Haleluya!