8. Vuka, Jehova, uye ekuphumuleni kwakho,wena nomphongolo wamandla akho.
9. Abapristi bakho mabembeswe ukulunga,abangcwele bakho bethabe.”
10. Ngenxa yenceku yakho uDavidemawungaphenduli ubuso bogcotshiweyo wakho.
11. UJehova ufungile kuDavide ngeqiniso,akabuyi kukho, ethi:“Owenzalo yomzimba wakhongiyakumbeka esihlalweni sakho sobukhosi.
12. Uma abantwana bakho begcina isivumelwano saminobufakazi bami engiyakubafundisa bona,khona abantwana babo bayakuhlalaesihlalweni sakho kuze kube phakade.”
13. Ngokuba uJehova ukhethile iSiyoni;ulithandile libe yindawo yakhe yokuhlala:
14. “Yona ingeyokuphumula kwami kuze kube phakade;lapha ngiyakuhlala khona,ngokuba ngiyifunile.
15. Ngiyakubusisa kakhulu ukudla kwalo;abampofu balo ngiyakubasuthisa ngesinkwa.
16. Abapristi balo ngiyakubembesa insindiso;abangcwele balo bayakumemeza nokumemeza ngenjabulo.
17. “Ngiyakuhlumisa uphondo lukaDavide,ogcotshiweyo wami ngimlungisele isibani.
18. Izitha zalo ngiyakuzembesa ihlazo,kepha kuyena uqobo umqhele wakhe uyakukhazimula.”