Amahubo 132:8-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Vuka, Jehova, uye ekuphumuleni kwakho,wena nomphongolo wamandla akho.

9. Abapristi bakho mabembeswe ukulunga,abangcwele bakho bethabe.”

10. Ngenxa yenceku yakho uDavidemawungaphenduli ubuso bogcotshiweyo wakho.

11. UJehova ufungile kuDavide ngeqiniso,akabuyi kukho, ethi:“Owenzalo yomzimba wakhongiyakumbeka esihlalweni sakho sobukhosi.

12. Uma abantwana bakho begcina isivumelwano saminobufakazi bami engiyakubafundisa bona,khona abantwana babo bayakuhlalaesihlalweni sakho kuze kube phakade.”

13. Ngokuba uJehova ukhethile iSiyoni;ulithandile libe yindawo yakhe yokuhlala:

14. “Yona ingeyokuphumula kwami kuze kube phakade;lapha ngiyakuhlala khona,ngokuba ngiyifunile.

15. Ngiyakubusisa kakhulu ukudla kwalo;abampofu balo ngiyakubasuthisa ngesinkwa.

16. Abapristi balo ngiyakubembesa insindiso;abangcwele balo bayakumemeza nokumemeza ngenjabulo.

17. “Ngiyakuhlumisa uphondo lukaDavide,ogcotshiweyo wami ngimlungisele isibani.

18. Izitha zalo ngiyakuzembesa ihlazo,kepha kuyena uqobo umqhele wakhe uyakukhazimula.”

Amahubo 132