Amahubo 132:13-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Ngokuba uJehova ukhethile iSiyoni;ulithandile libe yindawo yakhe yokuhlala:

14. “Yona ingeyokuphumula kwami kuze kube phakade;lapha ngiyakuhlala khona,ngokuba ngiyifunile.

15. Ngiyakubusisa kakhulu ukudla kwalo;abampofu balo ngiyakubasuthisa ngesinkwa.

16. Abapristi balo ngiyakubembesa insindiso;abangcwele balo bayakumemeza nokumemeza ngenjabulo.

17. “Ngiyakuhlumisa uphondo lukaDavide,ogcotshiweyo wami ngimlungisele isibani.

18. Izitha zalo ngiyakuzembesa ihlazo,kepha kuyena uqobo umqhele wakhe uyakukhazimula.”

Amahubo 132