4. UJehova ulungile;unqumile izintambo zababi.
5. Mabajabhiswe, babuyiselwe emuvabonke abazonda iSiyoni.
6. Mababe njengotshani ophahleni,obubuna bungakakhuli.
7. Ovunayo akagcwalisi ngabo isandla sakhe,nobopha izinyanda izingalo zakhe.
8. Abadlulayo abasho ukuthi:“Isibusiso sikaJehova masibe phezu kwenu;siyanibusisa egameni likaJehova.”