96. Ngibonile ukugcina kokuphelelyo konke,kepha umthetho wakho ubanzi kakhulu.
97. Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka.Usuku lonke ngizindla ngawo.
98. Ngemiyalo yakho ngiyahlakanipha kunezitha zami,ngokuba inami kuze kube phakade.
99. Ngiyaqonda kunabo bonke abangifundisayo,ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho.
100. Nginokuqonda kunabadala,ngokuba ngigcina iziyalezo zakho.
101. Ngiyazinqanda izinyawo zami ezindleleni zonke zokubi,ukuze ngigcine izwi lakho.
102. Ezahlulelweni zakho angichezuki,ngokuba wena uyangifundisa.
103. Amnandi kangaka amazwi akho ekunambitheni kwami;adlula izinyosi emlonyeni wami.
104. Ngeziyalezo zakho ngiyathola ukuqonda;ngalokho ngiyazonda zonke izindlela zamanga.
105. Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zaminokukhanya endleleni yami.
106. Ngifungile;ukulonda izahlulelo zakho ezilungileyo ngakugcina.