91. Ngokwezahlulelo zakho kusekhona nanamuhla,ngokuba konke kuyizinceku zakho.
92. Uma umthetho wakho ubungesiyo intokozo yami,ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni kwami.
93. Angiyikukhohlwa kuze kube phakade iziyalezo zakho,ngokuba ungiphilisile ngazo.
94. Ngingowakho, ngisindise,ngokuba ngiyafuna iziyalezo zakho.
95. Ababi bahlalele ukungibhubhisa,kepha ngiyaqaphela ubufakazi bakho.
96. Ngibonile ukugcina kokuphelelyo konke,kepha umthetho wakho ubanzi kakhulu.
97. Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka.Usuku lonke ngizindla ngawo.
98. Ngemiyalo yakho ngiyahlakanipha kunezitha zami,ngokuba inami kuze kube phakade.
99. Ngiyaqonda kunabo bonke abangifundisayo,ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho.
100. Nginokuqonda kunabadala,ngokuba ngigcina iziyalezo zakho.
101. Ngiyazinqanda izinyawo zami ezindleleni zonke zokubi,ukuze ngigcine izwi lakho.
102. Ezahlulelweni zakho angichezuki,ngokuba wena uyangifundisa.
103. Amnandi kangaka amazwi akho ekunambitheni kwami;adlula izinyosi emlonyeni wami.
104. Ngeziyalezo zakho ngiyathola ukuqonda;ngalokho ngiyazonda zonke izindlela zamanga.
105. Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zaminokukhanya endleleni yami.