83. Nginjengemvaba emsini;izimiso zakho angizikhohlwa.
84. Zingaki izinsuku zenceku yakho?Uzakubahlulela nini abangizingelayo na?
85. Abazidlayo bangimbela imigodi,bona abaphambene nomthetho wakho.
86. Yonke imiyalo yakho ithembekile;bayangizingela ngamanga; ngisize.
87. Bacishe bangiqeda emhlabeni,kepha angishiyanga iziyalezo zakho.
88. Ngiphilise ngokomusa wakho,ukuze ngigcine ubufakazi bomlomo wakho.
89. Kuze kube phakade, Jehova,izwi lakho limi liqinile ezulwini.
90. Ezizukulwaneni ngezizukulwane ukuthembeka kwakho kukhona;wamisa umhlaba; usemi.
91. Ngokwezahlulelo zakho kusekhona nanamuhla,ngokuba konke kuyizinceku zakho.
92. Uma umthetho wakho ubungesiyo intokozo yami,ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni kwami.
93. Angiyikukhohlwa kuze kube phakade iziyalezo zakho,ngokuba ungiphilisile ngazo.
94. Ngingowakho, ngisindise,ngokuba ngiyafuna iziyalezo zakho.
95. Ababi bahlalele ukungibhubhisa,kepha ngiyaqaphela ubufakazi bakho.
96. Ngibonile ukugcina kokuphelelyo konke,kepha umthetho wakho ubanzi kakhulu.