8. Izimiso zakho ngiyakuzigcina;ungangishiyi nakanci.
9. Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na?Ngokuqaphela okwezwi lakho.
10. Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke;mangingaphambuki emiyalweni yakho.
11. Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho,ukuze ngingoni kuwe.
12. Mawubongwe wena Jehova,ungifundise izimiso zakho.
13. Ngomlomo wami ngimemezelezonke izahlulelo zomlomo wakho.
14. Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo.