67. Ngingakahlupheki ngaduka,kepha manje sengiyaligcina izwi lakho.
68. Umuhle wena, futhi wenza okuhle;ngifundise izimiso zakho.
69. Abazidlayo baqamba amanga ngami;ngenhliziyo yonke yami ngiyakugcina iziyalezo zakho.
70. Inhliziyo yabo injengamafutha ingezwa lutho;kepha mina ngithokoza ngomthetho wakho.
71. Kwangilungela ukuba ngihlushwe,ukuze ngifunde izimiso zakho.