Amahubo 119:65-77 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

65. Uyenzele inceku yakho okuhle, Jehova,ngokwezwi lakho.

66. Ngifundise ukuqonda okuhle nokwazi,ngokuba ngikholwa yimiyalo yakho.

67. Ngingakahlupheki ngaduka,kepha manje sengiyaligcina izwi lakho.

68. Umuhle wena, futhi wenza okuhle;ngifundise izimiso zakho.

69. Abazidlayo baqamba amanga ngami;ngenhliziyo yonke yami ngiyakugcina iziyalezo zakho.

70. Inhliziyo yabo injengamafutha ingezwa lutho;kepha mina ngithokoza ngomthetho wakho.

71. Kwangilungela ukuba ngihlushwe,ukuze ngifunde izimiso zakho.

72. Umthetho womlomo wakho muhlekunezinkulungwane zegolide nezesiliva.

73. Izandla zakho zingenzile, zangibumba;ngiphe ingqondo,ukuze ngifunde imiyalo yakho.

74. Abakwesabayo bayakujabula lapho bengibona,ngokuba ngethemba izwi lakho.

75. Ngiyazi ukuthi izahlulelo zakho zilungilenokuthi wangilaya ngokuthembeka.

76. Umusa wakho mawube yinduduzo encekwini yakho ngokwezwi lakho.

77. Ububele bakho mabuze kimi,ukuze ngiphile,ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami.

Amahubo 119