56. Lokhu kwaba ngokwami,ngokuba ngagcina iziyalezo zakho.
57. UJehova uyisabelo sami;ngithi ngiyakugcina amazwi akho.
58. Ngincenga ubuso bakho ngenhliziyo yami yonke;yiba nomusa kimi ngokwezwi lakho.
59. Ngizindla ngezindlela zami,ngiqondisa izinyawo zami ebufakazini bakho.
60. Ngiyashesha,angilibali ukugcina imiyalo yakho.
61. Izintambo zababi ziyangizungeza,kepha angikhohlwa umthetho wakho.
62. Phakathi kobusuku ngiyakuvuka ngikubongengenxa yezahlulelo zakho ezilungileyo.
63. Ngingumngane wabo bonke abakwesabayo,abagcina iziyalezo zakho.
64. Umhlaba ugcwele umusa wakho, Jehova;ngifundise izimiso zakho.
65. Uyenzele inceku yakho okuhle, Jehova,ngokwezwi lakho.
66. Ngifundise ukuqonda okuhle nokwazi,ngokuba ngikholwa yimiyalo yakho.
67. Ngingakahlupheki ngaduka,kepha manje sengiyaligcina izwi lakho.
68. Umuhle wena, futhi wenza okuhle;ngifundise izimiso zakho.
69. Abazidlayo baqamba amanga ngami;ngenhliziyo yonke yami ngiyakugcina iziyalezo zakho.